FakaIsicelo
Sosizo

Hlobo luni lomsebenzi esiluxhasa ngezimali?

Sixhasa ngezimali imikhankaso nemisebenzi eklanyelwe ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo. Siphinde sisize izinhlangano zomphakathi ukuba ziqinise amakhono azo okusebenza, zithuthukise ubuholi bazo, zakhe imifelandawonye futhi zikwazi ukuhlala isikhathi eside

Sinolwanzi olunzulu ‘ngobulungiswa bezemvelo’. Lokhu kubangelwa ukuqaphela ukuxhumana kwemizabalazo eyahlukene, futhi kuyingxenye yokuzibophezela kwe-EJF ekubandakanyeni bonke abantu. I-EJF ingase yeseke imisebenzi yalokhu: Ubulungiswa kwezesimo sezulu kanye noGuquko Lokuvikela Imvelo; ukungcoliswa komoya; izimayini; ukutholakala kokudla; amanzi; ukuvikelwa kwezindawo zasolwandle nezasogwini; imfucuza; i-Ecofeminism (imisebenzi ephathelene nobudlelwano phakathi kokulingana ngokobulili nezindaba zemvelo); i-Eco socialism (imisebenzi ehlanganisa izindaba zezenhlalo nepolitiki yokuvikela imvelo, ukuxhumana kwezinto eziphilayo nemvelo kanye ne-anti-globalisation); amalungelo okuthola umhlaba; ukugqugquzelwa kolwazi lwendabuko; ezinye izindlela ezizinzile zokuziphilisa; ukukhula kahle kwemvelo; ukuthola ulwazi lwezemvelo; kanye nokubamba iqhaza komphakathi ekuthathweni kwezinqumo mayelana nezinsiza zemvelo. Lezi zinto aziphelele, futhi sizozicubungula nezicelo ezingaphandle kwalezi zici uma zisawela ngaphansi komkhakha wobulungiswa bezemvelo.

Ubani ongafaka isicelo?

Ukuze ufaneleke kumele ube:

  1. iqembu noma umfelandawonye 
  2. Nizinze emphakathini eniwusebenzelayo futhi nibe yingxenye yawo
  3. Nisebenza ezindabeni zobulungiswa bezemvelo
  4. ENingizimu Afrika

Ukwazi kabanzi ngendlela i-EJF izosebenza ngayo, thola umhlahlandlela woxhaso.

Amafuphi ngendlela yokubalisela uxhaso kutholakala kulomfanekiso.

 

Ungasifaka nini isicelo?

 Ukufakwa kwezicelo kuvaliwe. 

Zixhasa ngemali engakanani?

Ngokuvamile iphakathi kuka-R50 000 no-R100 000.

Sixhasa isikhathi esinganani?

Uxhaso lwethu luvame ukuba unyaka.

Sisebenzela kuphi?

ENingizimu Afrika

Uxhaso Oluphuthumayo

Siyazi ukuthi ngezinye izikhathi akwenzeki uzazi izinto ezizokwenzeka ngenxa yalokho, siyazikhipha izimali ezincane ekuxhaseni ezimweni eziphuthumayo ebezingalindelekile. Ngenxa yesibalo sezicelo kulonyaka ngeshwa sesiphelelwe yimali kulesisikhwama sokuxhasa izimo eziphuthumayo. Izicelo siyoze sizamukele ngonyaka ozayo kusukela ngo-1 March 2025.

.

Izicelo zoxhaso asizamukeli okwamanje