Inhlangano esizixhasayo
I-EJF yeseka izinhlangano zomphakathi ezingu-35 (ama-CBO) eziphambili emzabalazweni wokuvikela iplanethi yethu, ukusabela enkingeni yesimo sezulu kanye nokuqokomisa amalungelo emvelo. Ngokubambisana lezi zinhlangano zenza izixazululo zezinselele ezinzima kakhulu zobulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika namuhla, ezibandakanya izindlela zokumba izimayini ezilimaza imvelo nezinokukhetha, ukungavikeleki kwamandla, umthelela kubantu ngokobulili babo ngenxa yokuncipha kwezinto ezidotshwayo ngenxa yezimayini zasogwini, isidingo sokutshalwa kabusha kwamahlathi ukuze kubhekwane nokungcola komoya ezindaweni ezigcwele izimboni, izinsongo kubavikeli bamalungelo abantu, i-agro-ecology kanye nokutholakala kokudla, inkinga yamanzi ezindaweni zasemadolobheni amakhulu, nokubaluleka kokuthuthwa kangcono kwemfucuza emijondolo. I-tab kanye nemephu engezansi kubonisa amazwibela alo msebenzi, lapho izinhlangano zitholakala khona, nezindlela zokuxhumana nazo.