FakaIsicelo
Sosizo

Hlobo luni lomsebenzi esiluxhasa ngezimali?

Sixhasa ngezimali imicimbi, amaphrojekthi noma imikhankaso eklanyelwe ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo. Siphinde sicabangele izicelo zezinhlelo zokuqinisa inhlangano. Siyaqonda ukuthi ngezinye izikhathi akwenzeki ukwazi izinto ezizokwenzeka kusengaphambili, ngenxa yalokho singalunikeza uxhaso olusheshayo ekusizeni ezinkingeni ephuthumayo nezingalindelekile. Sinokuqonda okubanzi mayelana ‘nobulungiswa bezemvelo’ futhi singase sihlole noma yiziphi izici ezilandelayo okugxilwe kuzo:

  1. Ukuthola ulwazi mayelana nezemvelo
  2. Ukungcoliswa komoya
  3. Ezinye izindlela ezisimeme zokuziphilisa
  4. Ukubamba komphakathi iqhaza ekuthathweni kwezinqumo zezinsiza ezingokwemvelo
  5. I-Ecofeminism
  6. Ubulungiswa kwezamandla
  7. Impilo yezemvelo
  8. Utholakala kokudla
  9. Izimayini
  10. Ukugqugquzelwa kolwazi lwezendabuko
  11. Amanzi

Uma ucabanga ukuthi umsebenzi wakho ungaphandle kwalezi zinto kodwa ube usaphathelene nobulungiswa bezemvelo kanye nezinkinga zezemvelo emphakathini, khululeka ukufaka isicelo, sivamile ukuhambisana nezimo. We can also fund initiatives designed to strengthen community-based organisations and community networks who are working on environmental justice.

Uxhaso Oluphuthumayo

Uma udinga ukwesekwa ukuze ubhekane nenkinga ephuthuma kakhulu, ungafaka isicelo soxhaso oluphuthumayo nganoma yisiphi isikhathi (akudingeki ulinde ubizo lokufaka izicelo). Sizosicubungula isicelo soxhaso oluphuthumayo esivela kumuntu ngamunye (ngokuhlukile emthethweni wokuthi kufanele ube yinhlangano noma umfelandawonye ukuze ufaneleke ukufaka isicelo) uma udinga usizo ngoba usongelwa ngenxa yokuba kwakho yisishoshovu. Ungafaka isicelo soxhaso oluphuthumayo ngokuthumela i-WhatsApp ku- 078 291 0014 (Vuyo). Siyazama ukuphendula izicelo zoxhaso oluphuthumayo phakathi namahora angu-48.

Ubani ongafaka isicelo?

Ukuze ufaneleke kufanele ube:

  1. iqembu noma umfelandawonye (hhayi umuntu oyedwa)
  2. Nizinze emphakathini eniwusebenzelayo futhi nibe yingxenye yawo
  3. Nisebenza ezindabeni zobulungiswa bezemvelo
  4. ENingizimu Afrika

Sifakwa kanjani isicelo?

Thola isimemezelo sokucela uxhaso.

Kunezindlela ezimbini ezihlukene ongasifaka ngazo isicelo soxhaso:

  1. Ungagcwalisa ifomu lesicelo emabhulokini angezansi; NOMA
  2. Ungadawuniloda leli fomu lesicelo lapha bese uthumela ifomu eligcwalisiwe nge-imeyili ku-;noma uthumela nge-WhatsApp izithombe zefomu eligcwalisiwe ku-078 291 0014 (Vuyo).

Ukwazi kabanzi ngendlela i-EJF izosebenza ngayo, thola umhlahlandlela woxhaso.

Amafuphi ngendlela yokubalisela uxhaso kutholakala kulomfanekiso.

Uma udinga usizo ngokufaka isicelo ungathintana noMxhumanisi wethu ku-078 291 0014 (Vuyo) ongakusiza ukugcwalisa ifomu.

Ungasifaka nini isicelo?

Izicelo zoxhaso zivaliwe okwangoku. 

Zixhasa ngemali engakanani?

Ngokuvamile iphakathi kuka-R50 000 no-R100 000.

Sixhasa isikhathi esinganani?

Uxhaso lwethu luba unyaka. 

Sisebenzela kuphi?

ENingizimu Afrika

Asizamkeli izicelo okwangoku