Mayelana Nathi

I-EJF iyi-NGO eqhutshwa izishoshovu, elwela amalungelo abantu besifazane eyeseka izishoshovu zobulungiswa bezemvelo nobesimo sezulu eNingizimu Afrika.
Umbono we-EJF uwukuba kube nobulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika lapho bonke abantu bejabulela imvelo engeyona ingozi empilweni nasenhlalakahleni yabo, nokuba imvelo ivikeleke ukuze kuzuze izizukulwane zamanje nezesikhathi esizayo.

Inhloso

Inhloso yethu iwukuqinisa inhlangano yobulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngezimali, ukuqinisa amakhono nangokweseka ama-CBO kanye nemifelandawonye yomphakathi.

Umbutho wezobulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika ubonakala ngokungakhethi, ukwesekana kanye nokubambisana.

Izinhlangano zomphakathi kulo mbutho zisebenza ngendlela ezinzile (iminyaka engaphezu kwemihlanu), ziyalandisa ngemisebenzi yazo emphakathini (emiphakathini yazo nakubaxhasi bazo bezimali), ngokusabela (zikwazi ukusabela ezinkingeni ezivelayo), zingabonisa umthelela (ngokuhlomisa kangcono imiphakathi ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu nezinye izinhlobo zokulimala kwemvelo) kanye nokubeka eqhulwini impilo-nhle yezishoshovu zobulungiswa bezemvelo (ukuze zingabi sengcupheni yokugula noma yokulahlekelwa ukuphila).

Abaxhasi sebeyayeka ukufuna kwenziwe intando yabo, bayanda abaxhasi ababandakanya imiphakathi ezinqumweni futhi bakulungele ukuyixhasa ngqo imiphakathi.

Esikwenzayo

Seseka Ngoxhaso:

Sixhasa ngezimali imikhankaso nemisebenzi eklanyelwe ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo. Siphinde sisize ama-CBO ukuba aqinise amakhono awo okusebenza, athuthukise ubuholi bawo, akhe imifelandawonye futhi akwazi ukuhlala isikhathi eside. 

Siyakhaphana:

Sihamba nabahlomuli bethu boxhaso ngokubalekelela ukuba baqinise amakhono okusebena. Lokhu kungabandakanya ukuqinisa amakhono, ukwandisa izindawo zolwazi noma ukuxhumanisa izinhlangano ezilwela into efanayo ukuze kuthuthukiswe ulwazi nokwesekana.

Indlela Esisebenza Ngayo

I-EJF iyisikhwama ‘esenziwe yizishoshovu, senzelwa izishoshovu’. Lesi simiso sisilandela ngokuthi kube yizishoshovu ezisemkhakheni wezobulungiswa bezemvelo ezinqumayo ukuthi ubani othola uxhoso. Lokhu kungenxa yokuthi sikholelwa ukuthi i-EJF kufanele iqondiswe ngabantu ngokwabo abazaziyo izimo abafaki-zicelo abasebenza ngaphansi kwazo, kanye nezinselelo ababhekana nazo. Futhi kuyingxenye yokuzibophezela kwe-EJF ekutheni izinqumo zenziwe yizishoshovu ezisemphakathini. Abahlomuli abasha boxhaso bakhethwa ngokhishwa kobizo lwaminyaka yonke.

Faka Isicelo Sosizo

Sixhasa ngezimali imicimbi, amaphrojekthi noma imikhankaso eklanyelwe ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo. Siphinde sicabangele izicelo zezinhlelo zokuqinisa inhlangano. Siyaqonda ukuthi ngezinye izikhathi akwenzeki ukwazi izinto ezizokwenzeka kusengaphambili, ngenxa yalokho singalunikeza uxhaso olusheshayo ekusizeni ezinkingeni ephuthumayo nezingalindelekile.