Sihlinzeka ngezimali, izinsiza nangosizo lokweseka imisebenzi eyenziwa emphakathini yokulwela ubulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika.
Kungani sikhona
Isidingo sobulungiswa bezemvelo sakha ingxenye ebalulekile yemisebenzi yokulwela ubulungiswa bezenhlalo emhlabeni wonke.
UMthethosisekelo WaseNingizimu Afrika uyalihlonipha ilungelo lokuba sendaweni engenabungozi empilweni noma enhlalakahleni. Naphezu kwalokhu kuvikelwa okungokomthetho, ukungabi nabulungiswa kwezemvelo kuyaqhubeka kuyisici esiyinhloko sokungalingani. Imiphakathi yasemazingeni aphansi ibhekana nobunzima bokulimala kwemvelo nokushintsha kwesimo sezulu, futhi ngokuvamile ayibandakanywa ekuthathweni kwezinqumo mayelana nomhlaba nezinsiza ezingokwemvelo.
Inhlangano ekhuthele futhi ekhulayo yobulungiswa bezemvelo ilwa nalokhu kungalingani, futhi ilwela ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo kanye nokufeza amalungelo emvelo, okuvame ukuyibeka engozini enkulu. Izinhlangano ezizinze emphakathini zihamba phambili kule mizabalazo kodwa ngokuvamile zikuthola kunzima ukuthola ukwesekwa ezikudingayo ukuze ziwenze kalula umsebenzi wazo, zikwazi nokuwusimamisa.
Esikwenzayo
ISikhwama Sobulungiswa Bezemvelo (EJF) senzelwe ukweseka nokuqinisa imizamo yomphakathi yokuvikela imvelo, ukuthuthukisa amalungelo emvelo, kanye nokubhekana nenkinga yesimo sezulu eNingizimu Afrika. I-EJF iyiqembu lezishoshovu zemvelo nabameli bobulungiswa bezenhlalakahle abazibophezele ekubhekaneni nokungalingani okubangelwa ukungabi nabulungiswa kwezemvelo.
Lapha e-EJF sikholelwa ukuthi ukweseka labo abathintwe kakhulu ukungalingani kwezemvelo baze baklame futhi basebenzise ezabo izindlela zokulwa, kuyithuba lethu elingcono kakhulu lokuhlehlisa igagasi lokucekelwa phansi kwemvelo nokwakha umhlaba ozinzile nonobulungiswa.
Inhloso yethu iwukuqinisa imisebenzi elwela ubulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngezimali, ngokwakha ikhono lokusebenza nokweseka ngezokuxhumana ezinhlanganweni ezizinze emphakathini nemifelandawonye yemiphakathini esebenzela ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo eNingizimu Afrika.

Umbiko Wonyaka ka-2022
Ukulanda umbiko wethu wonyaka chofoza inkinobho engezansi

Annual Report 2023
Ukulanda umbiko wethu wonyaka chofoza inkinobho engezansi

Grantee Convening Report 2023
To download our grantee convening click the button below
Abaxhasi bethu