Inhlangano esizixhasayo
Youth Mentors and Developers
I-Youth Mentors and Developers (YMAD) yinhlangano eholwa yintsha futhi eqhutshwa yintsha esendaweni futhi esebenza kuyo yaseMgungundlovu KwaZulu-Natal eyasungulwa ngo-2016, egxile kakhulu ebuyiseleni isithunzi sabahlali basemijondolo eseduze noKhan Road nemijondolo engomakhelwane. Inhloso ye-YMAD ukushintsha umlando wemijondolo njengendawo engenabo ubulungiswa emvelweni nokucekelwa phansi kwayo nokwenza ukuba imijondolo iyikhathalele imvelo okuzosiza esikhathini esizayo. Lokhu bakwenza ngokwakha imijondolo ephephile, eyonga amandla, futhi ehlanzekile ngokwenza imisebenzi yomphakathi egxile ekukhucululeni, imikhankaso yokuqwashisa nokuthuthukiswa kwengqalasizinda. I-YMAD ithole uxhaso lokwakha isikhungo sokugaywa kwezinto kabusha maphakathi nemijondoko kanye nokuqeqesha ompetha bemfucuza yomphakathi.