FakaIsicelo Sosizo
Hlobo luni lomsebenzi esiwuxhasa ngezimali?
Sixhasa ngezimali imikhankaso nemisebenzi eklanyelwe ukuthuthukisa ubulungiswa bezemvelo. Siphinde sisize izinhlangano zomphakathi ukuba ziqinise amakhono azo okusebenza, zithuthukise ubuholi bazo, zakhe imifelandawonye futhi zikwazi ukuhlala isikhathi eside.
Sinolwanzi olunzulu ‘ngobulungiswa bezemvelo’. Lokhu kubangelwa ukuqaphela ukuxhumana kwemizabalazo eyahlukene, futhi kuyingxenye yokuzibophezela kwe-EJF ekubandakanyeni bonke abantu.
I-EJF ingase yeseke imisebenzi yalokhu: Ubulungiswa kwezesimo sezulu kanye noGuquko Lokuvikela Imvelo; ukungcoliswa komoya; izimayini; ukutholakala kokudla; amanzi; ukuvikelwa kwezindawo zasolwandle nezasogwini; imfucuza; i-Ecofeminism (imisebenzi ephathelene nobudlelwano phakathi kokulingana ngokobulili nezindaba zemvelo); i-Eco socialism (imisebenzi ehlanganisa izindaba zezenhlalo nepolitiki yokuvikela imvelo, ukuxhumana kwezinto eziphilayo nemvelo kanye ne-anti-globalisation); amalungelo okuthola umhlaba; ukugqugquzelwa kolwazi lwendabuko; ezinye izindlela ezizinzile zokuziphilisa; ukukhula kahle kwemvelo; ukuthola ulwazi lwezemvelo; kanye nokubamba iqhaza komphakathi ekuthathweni kwezinqumo mayelana nezinsiza zemvelo.
Lezi zinto aziphelele, futhi sizozicubungula nezicelo ezingaphandle kwalezi zici uma zisawela ngaphansi komkhakha wobulungiswa bezemvelo.
Uxhaso lwezimali oluphuthumayo
Siyaqonda ukuthi ngezinye izikhathi akwenzeki ukwazi izinto ezizokwenzeka futhi ngenxa yalokho, singazikhipha izimali ezincane ekuxhaseni ngezimali ezimweni eziphuthumayo ebezingalindelekile.
I-EJF inaka kakhulu izingozi izishoshovu ezibhekana nazo, ngezinye izikhathi okusho isidingo sokuthatha isinyathelo esiphuthumayo sokuvikela ukuphila komuntu. Ungafaka isicelo soxhaso olusheshayo noma nini ngokuthumela i-WhatsApp ku-078 291 0014 noma i-imey’li enesihloko esithi RAPID RESPONSE GRANT APPLICATION, uzethule wena nenhlangano yakho, uchaze isimo, kungani kuyisimo esiphuthumayo, imali yani edingekayo nokuthi iyimalini. Kufanele usinikeze inombolo yokuxhumana nawe, futhi uthumele noma imaphi amaphepha asekelayo onawo.
Izicelo zoxhaso olusheshayo zicutshungulwa ngabasebenzi base-EJF, abahlose ukuphendula isicelo kungakapheli amahora angama-48.
Ubani ongafaka isicelo?
Ukuze ufanelekele uxhaso, kumele kube ukuthi:
1. Uyinhlangano noma umfelandawonye ozinze emphakathini owusebenzelayo, futhi ube yingxenye yalowo mphakathi;
2. Usebenza ngobulungiswa bezemvelo; futhi
3. UseNingizimu Afrika.
Ungasifaka kanjani isicelo?
Uhlaka Lokunikeza uXhaso
Ukuze uthole kabanzi nge-EJF, thola uHlaka Loxhaso ngesiNgisi, isiZulu, isiBhunu, isiPedi, isiSuthu nangesiTswana.
Inqubo Yohlelo Lokusebenza
Ukuze uthole isifinyezo senqubo yesicelo, thola incazelo lumonfanekiso ngesiNgisi, isiZulu, isiBhunu, isiSuthu, isiPedi, isiTswana nangesiVenda.
Ungasifaka nini isicelo?
Asizamukeli izicelo okwamanje.
Sixhasa ngemali engakanani?
Ngokuvamile iphakathi kuka-R50 000 no-R100 000.
Sixhasa isikhathi esinganani?
Uxhaso lwethu luvame ukuba unyaka.
Sisebenzela kuphi?
ENingizimu Afrika